NgokukaLuka 16:13-16
NgokukaLuka 16:13-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ayikho inceku engakhonza amakhosi amabili, ngokuba iyakuzonda enye, ithande enye; noma ibambelele kwenye, idelele enye. Anikwazi ukukhonza uNkulunkulu noMamona. NabaFarisi abahahayo bezwa konke lokho, bamklolodela. Wathi kubo: “Nina ningabazishaya abalungileyo phambi kwabantu; kepha uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okuphakeme phakathi kwabantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu. Umthetho nabaprofethi kwakukhona kwaze kwafika uJohane; kusukela ngaleso sikhathi umbuso kaNkulunkulu uyashunyayelwa, wonke umuntu ufukamela kuwo.
NgokukaLuka 16:13-16 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ayikho inceku engakhonza amakhosi amabili, ngokuba iyakuzonda enye, ithande enye; noma ibambelele kwenye, idelele enye. Anikwazi ukukhonza uNkulunkulu noMamona. NabaFarisi abahahayo bezwa konke lokho, bamklolodela. Wathi kubo: “Nina ningabazishaya abalungileyo phambi kwabantu; kepha uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okuphakeme phakathi kwabantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu. Umthetho nabaprofethi kwakukhona kwaze kwafika uJohane; kusukela ngaleso sikhathi umbuso kaNkulunkulu uyashunyayelwa, wonke umuntu ufukamela kuwo.
NgokukaLuka 16:13-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Akukho nceku engakhonza amakhosi amabili, ngokuba iyakuzonda enye, ithande enye; noma ibambelele kwenye, iyeyise enye. Ningeze nakhonza uNkulunkulu nengcebo.” Kuthe abaFarisi ababethanda imali, bangakuzwa konke lokho, bamedelela. Wayesethi kubo: “Nina nizenza abalungileyo phambi kwabantu, kodwa uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okutuseka kakhulu kubantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu. “Umthetho nabaphrofethi kwakukhona kwaze kwafika uJohane; kusukela ngaleso sikhathi, ivangeli lombuso kaNkulunkulu liyashunyayelwa, wonke umuntu uyafuzula ukuba angene kuwo.
NgokukaLuka 16:13-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Akukho nceku engakhonza amakhosi amabili, ngokuba kokunye iyakuzonda enye, ithande enye, noma ibambelele kwenye, iyeyise enye. Ningeze nakhonza uNkulunkulu noMamona.*” AbaFarisi ababethanda imali bakuzwa konke lokho, bamklolodela. Wayesethi kubo: “Nina ningabazishaya abalungileyo emehlweni abantu; kepha uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okuphakemeyo phakathi kwabantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu. “Umthetho nabaprofethi kwakukhona kwaze kwafika uJohane; kusukela kuleso sikhathi ivangeli lombuso kaNkulunkulu liyashunyayelwa, wonke umuntu uphika ngokufuzula kuwo.