Wasekhuluma lomfanekiso; Umuntu othile wayenomkhiwane utshalwe esivinini sakhe; weza wadinga isithelo kuwo, kodwa akasitholanga. Wayesethi kuso isisebenzi sesivini: ‘Bheka, sekuyiminyaka emithathu ngiza ngifuna isithelo kulo mkhiwane, ngingasifumani; uwuthelelelani umhlabathi? Yaphendula yathi kuye: “Nkosi, wuyeke nangalo nyaka, ngize ngimbe emaceleni awo, ngithele umquba; Uma uthela isithelo, kuhle; uma kungenjalo, wowugawula emva kwalokho. Wayefundisa kwelinye lamasinagoge ngesabatha.
Funda Luka 13
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Luka 13:6-10
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo