Luka 12:22-34

Luka 12:22-34 CZB24

Wasesithi kubafundi bakhe: Ngakho ngithi kini: Lingakhathaleli impilo yenu, ukuthi lizakudlani; noma ngomzimba ukuthi niyakwembathani. Ukuphila kungaphezu kokudla, nomzimba mkhulu kunesambatho. Bhekani amagwababa, ngokuba awahlwanyeli, awavuni; elingenazinqolobane nanqolobane; uNkulunkulu uyazondla; nina nizidlula kangakanani izinyoni na? Ngumuphi kini ongathi ngokukhathazeka anezele ubude bakhe ingalo eyodwa na? Ngakho-ke uma ningenakukwenza lokho okuncane kakhulu, nizikhathazelani ngokunye na? Bhekani iminduze ukuthi imila kanjani; ayikhandleki, ayiphothi; kodwa ngithi kini: USolomoni enkazimulweni yakhe yonke wayengavunule njengomunye wayo. Uma uNkulunkulu embesa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, kusasa buphonswe eziko; kakhulu kangakanani anigqokisa nina eninokukholwa okuncane na? Futhi ningafuni eniyakudlani noma niyakuphuza, futhi ningabi ngabangabaza. Ngokuba konke lokho izizwe zomhlaba ziyakudinga; uYihlo uyazi ukuthi niyakudinga lokho. Kodwa funani kakhulu umbuso kaNkulunkulu; futhi zonke lezi zinto ziyakwenezelwa nina. Ningesabi, mhlambi omncane; ngoba kuyintokozo kuYihlo ukulinika umbuso. Thengisani ngempahla yenu, niphe izipho; zilungiseleni izikhwama ezingagugiyo, ingcebo engapheli ezulwini, lapho kungasondeli sela, kungoni nundu. Ngokuba lapho kukhona ingcebo yenu, nenhliziyo yenu iyakuba-khona.

Funda Luka 12

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Luka 12:22-34