NgokukaLuka 12:22-34

NgokukaLuka 12:22-34 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Wayesethi kubafundi bakhe: “Ngakho-ke ngithi kini: ningakhathazeki ngokuphila kwenu nangemizimba yenu ukuthi niyakudlani, nanokuthi niyakwembathani. Ngokuba ukuphila kubalulekile kunokudla, nomzimba kunesembatho. Ake nibheke nje amagwababa; awalimi, awavuni, futhi awanazilulu nazinqolobane, kepha uNkulunkulu uyawondla. Kakhulu kangakanani-ke nina eniyigugu ukwedlula izinyoni! Ngubani kini okuthi ngenxa yokukhathazeka, athasisele usuku olulodwa nje eminyakeni yokuphila kwakhe na? Ngakho-ke njengokuba ningenamandla okwenza nokuncane nje, pho nizikhathazelani ngalokhu okunye na? “Bhekani nje, nansi iminduze yasendle, ukuthi ikhula kanjani. Ayizikhandli, ayizithungeli zembatho, kodwa ngithi kini: ngisho noSolomoni, ebukhazikhazini bakhe bonke, wayengavunulisile okomunye wayo. Uma-ke uNkulunkulu embathisa utshani basendle obukhona namuhla, kuthi ngakusasa buphonswe eziko, kakhulu kangakanani nina eninokukholwa okuncane. Ningafuni ukuthi niyakudlani nokuthi niyakuphuzani; ningakhathazeki ngalokho. Ngokuba konke lokhu kufunwa ngabezizwe baleli lizwe; kodwa uYihlo uyazi ukuthi niyakudinga lokhu. Kepha funani umbuso kaNkulunkulu, yikhona konke lokhu kuyakwenezelwa kini. “Ungesabi, mhlambi omncane, ngokuba kuyintando kaYihlo ukuba aninike umbuso. Thengisani ngeninakho, nabele abampofu, nizenzele izikhwama zemali ezingagugiyo, ingcebo engapheliyo ezulwini; lapho kungasondeli khona sela nanundu, ukuba yone. Ngokuba lapho ingcebo yenu ikhona, nenhliziyo yenu iyakuba khona lapho.”