EkaJuda 1:8-11

EkaJuda 1:8-11 CZB24

Ngokunjalo lalaba baphuphi abangcolileyo bangcolisa inyama, badelele ukubusa, bakhulume kubi ngabahloniphekayo. Kepha uMikayeli, ingelosi enkulu, lapho ebambene noSathane bephikisana ngesidumbu sikaMose, akabanga nasibindi sokumbeka icala lokuthuka, kodwa wathi: “INkosi mayikukhuze. Kepha laba bahlambalaza abangazaziyo, kepha abakwaziyo ngokwemvelo njengezilwane ezingenangqondo bazonakalisa ngakho. Maye kubo! ngoba bahambe ngendlela kaKhayini, bagijimela ukuduka kukaBalami ukuze bathole umvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora.

Funda EkaJuda 1