EkaJuda 1:8-11

EkaJuda 1:8-11 ZUL20

Ngokunjalo, nalaba abaphuphayo banukubeza imizimba yabo, futhi baphika ubukhosi, bahlambalaze nezidalwa ezingcwele. Kepha lapho uMikhayeli, ingelosi enkulu ephikisana nosathane, bebanga isidumbu sikaMose, akalokothanga wakhuluma okubi ngaye, kodwa wathi: “INkosi mayikusole.” Kepha laba, bahlambalaza nalezo zinto abangazaziyo, babhujiswa nayilezo zinto abazaziyo ngokwemvelo, njengezilwane ezingenakuqonda. Maye, kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKhayini, bagijimela nasephutheni likaBhalamu alenza ngenxa yomvuzo; babhubha njengoKhora owahlubukayo.

Funda EkaJuda 1