UJoshuwa 3:14-17

UJoshuwa 3:14-17 CZB24

Lapho abantu bekhuphuka besuka ematendeni abo ukuba bawele iJordani, nabapristi abathwala umphongolo wesivumelwano phambi kwabantu; Kwathi abathwali bomphongolo befika eJordani, izinyawo zabapristi abathwele umphongolo zicwile onqenqemeni lwamanzi, ngokuba iJordani ligudla usebe lwalo lonke isikhathi sokuvuna; Amanzi ehla evela phezulu ema akhuphuka aba yinqwaba kude kakhulu nomuzi ka-Adamu oseceleni kweSaretani, nalawo ayehlela olwandle lwaseThafeni, uLwandle Lukasawoti, aphela, aqedwa; abantu badabula iJeriko. Abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova bema baqina emhlabathini owomileyo phakathi neJordani, bonke abakwa-Israyeli badabula emhlabathini owomileyo, kwaze kwaba yilapho isizwe sonke siwela iJordani sihlambulukile.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo