UJoshuwa 3:14-17

UJoshuwa 3:14-17 ZUL59

Kwathi lapho abantu besuka ematendeni abo ukuba bawele iJordani, abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano bephambi kwabantu, nalapho abathwala umphongolo sebefikile eJordani, izinyawo zabapristi abathwala umphongolo zicwilile onqenqemeni lwamanzi aseJordani eligcwele phezu kwalo lonke ugu lwalo izinsuku zonke zokuvuna, ayesema amanzi avela ngenhla, afukuka aba nqwabanye kude kakhulu ngase-Adamu, umuzi oseceleni kweSaretani; lawo ewuka eya ngaseLwandle lwase-Araba, uLwandle Lukasawoti, anqamuka impela; abantu base bewela maqondana neJeriko. Abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova bema baqina emhlabathini owomileyo ngaphakathi neJordani, abantu bonke bawela emhlabathini owomileyo, saze sawela iJordani isizwe sonke saphelela.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo