UJoshuwa 24:29-33

UJoshuwa 24:29-33 CZB24

Ngemva kwalezi zinto uJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaJehova, wafa eneminyaka eyikhulu neshumi. Bammbela emkhawulweni wefa lakhe eThimnati Sera ezintabeni zakwa-Efrayimi ngasenyakatho kwentaba iGahashi. U-Israyeli wamkhonza uJehova zonke izinsuku zikaJoshuwa nazo zonke izinsuku zamalunga asala kuJoshuwa futhi azi wonke usizi. Amathambo kaJosefa abantwana bakwa-Israyeli abakhuphula ngawo eGibithe bawembela eShekemi endaweni uJakobe ayithenga emadodaneni kaHamori uyise kaShekemi ngamashekeli ayikhulu esiliva; ifa labantwana bakwaJosefa. U-Eleyazare indodana ka-Aroni wafa; bammbela entabeni yendodana yakhe uFinehasi, anikwa yona ezintabeni zakwa-Efrayimi.