UJoshuwa 24:29-33

UJoshuwa 24:29-33 ZUL20

Kwathi emveni kwazo zonke lezo zinto uJoshuwa, indodana kaNuni, inceku kaSimakade, wafa eseneminyaka eyi-110. Bamngcwaba eThiminathi Sera eyifa lakhe, ekwelezintaba kwa-Efrayimi, enyakatho yentaba iGahashi. U-Israyeli wamkhonza uSimakade ngazo zonke izinsuku zikaJoshuwa, nangezamalunga aphila izinsuku ezedlula ezikaJoshuwa, futhi ayekwazi konke uSimakade ayekwenzele u-Israyeli. Amathambo kaJosefa ayekhushulwe ngabakwa-Israyeli eGibhithe, bawangcwaba eShekhemi esiqeshini somhlaba esasithengwe nguJakobe emadodaneni kaHamori, uyise kaShekemi, ngamakesita ayikhulu, saba yifa labantu bakwaJosefa. U-Eleyazare indodana ka-Aroni wafa; bamngcwaba eGibheya umuzi kaFinehasi indodana yakhe, ayewunikiwe kwelezintaba kwa-Efrayimi.