UJona wakhuleka kuJehova uNkulunkulu wakhe esesiswini senhlanzi: wathi: “Ngakhala kuJehova ngenxa yokuhlupheka kwami, yangizwa; ngisemathunjini abafileyo ngakhala, wezwa izwi lami. Ngokuba wangiphonsa ekujuleni, phakathi kolwandle; imifula yangihaqa; onke amadlambi akho namaza akho adlula phezu kwami. Ngase ngithi: Ngilahliwe ebusweni bakho; nokho ngiyakubuye ngibheke ithempeli lakho elingcwele. Amanzi angihaqa, kwaze kwafika emphefumulweni; utwa lwangizungeza, ukhula lwahaqa ikhanda lami. Ngehlela phansi kwezintaba; umhlaba nemigoqo yawo wawungizungeza kuze kube phakade; Nokho ukuphakamisile ukuphila kwami ekonakaleni, Jehova Nkulunkulu wami. Lapho umphefumulo wami uphela amandla phakathi kwami, ngacabanga ngoJehova, umkhuleko wami wafika kuwe ethempelini lakho elingcwele. Ababona okuyize zamanga bashiya umusa wabo. Kepha mina ngiyakuhlabela kuwe ngezwi lokubonga; Ngizokhokha engikuthembisile. Insindiso ivela kuJehova. UJehova wakhuluma enhlanzini, yamkhafulela uJona emhlabathini owomileyo.
Funda UJona 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UJona 2:1-10
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo