UJona 2:1-10

UJona 2:1-10 ZUL59

UJona wakhuleka kuJehova uNkulunkulu wakhe esezibilinini zenhlanzi, wathi: “Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova, wangiphendula; ngisesiswini sendawo yabafileyo ngamemeza, wezwa izwi lami. Wangiphonsa ekujuleni, enhliziyweni yolwandle, umfula wangihaqa; onke amadlambi akho namaza akho adlula phezu kwami. Ngathi mina: ‘Ngixoshiwe emehlweni akho;’ nokho ngiyakubuye ngibheke ithempeli lakho elingcwele. Amanzi angihaqa kwaze kwaba nasekuphileni kwami, utwa lwangikaka. Umhlanga wathandela ekhanda lami. Ngehla ngasemikhawulweni yezintaba; imigoqo yomhlaba yayisemva kwami kuze kube phakade. Kepha wakhuphula ukuphila kwami egodini, Jehova Nkulunkulu wami. “Lapho umphefumulo wami waphela amandla phakathi kwami, ngamkhumbula uJehova; umkhuleko wami wangena kuwe ethempelini lakho elingcwele. “Abagcina okungumoya nokuyize nje bashiya Othembekile kubo. Kepha mina ngiyakukuhlabela ngezwi lokudumisa, ngigcwalise engikuthembisileyo. Ukusindiswa kukuye uJehova.” UJehova wakhuluma kuyo inhlanzi, yamhlanzela uJona emhlabathini owomileyo.

Funda UJona 2

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UJona 2:1-10