UJobe 23:8-12

UJobe 23:8-12 CZB24

Bheka, ngiya phambili, kepha akekho; nangemuva, kepha angimboni; ngakwesokhohlo, lapho asebenza khona, kodwa kangimboni; ngakwesokunene uyacasha, ukuze ngingamboni. Kodwa uyayazi indlela engihamba ngayo; uma engilinga, ngiyophuma njengegolide. Unyawo lwami lwabambelela ezinyathelweni zakhe, ngagcina indlela yakhe futhi angiphambukanga. Angibuyanga emyalweni wezindebe zakhe; amazwi omlomo wakhe ngawenza ngaphezu kokudla kwami.

Funda UJobe 23

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UJobe 23:8-12