UJobe 23:8-12
UJobe 23:8-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha uma ngiya phambili, akekho lapho, uma ngiya emuva, angimboni ngakwesokhohlo, lapho ezifihle khona, angimboni; ujikela ngakwesokunene, kepha angimboni. “Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile, ngiyakuphuma nginjengegolide. Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe; ngiyigcinile indlela yakhe, angiphambukanga. Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe; amazwi akhe ngiwagcinile esifubeni sami.
UJobe 23:8-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kodwa bheka, ngiya empumalanga, kepha akakho, nasentshonalanga, kepha angimboni, nangasenyakatho ekusebenzeni kwakhe, kepha akabonwa; ujikela ngaseningizimu, kepha akabonakali. Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile, ngiyakuphuma njengegolide. Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe; ngigcinile indlela yakhe, angiphambukanga. Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe; ngizibekele amazwi akhe kunezimiso zami.
UJobe 23:8-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Bheka, ngiya phambili, kepha akekho; nangemuva, kepha angimboni; ngakwesokhohlo, lapho asebenza khona, kodwa kangimboni; ngakwesokunene uyacasha, ukuze ngingamboni. Kodwa uyayazi indlela engihamba ngayo; uma engilinga, ngiyophuma njengegolide. Unyawo lwami lwabambelela ezinyathelweni zakhe, ngagcina indlela yakhe futhi angiphambukanga. Angibuyanga emyalweni wezindebe zakhe; amazwi omlomo wakhe ngawenza ngaphezu kokudla kwami.