Johane 8:22-34

Johane 8:22-34 CZB24

Base bethi abaJuda: “Kanti uzakuzibulala na? ngokuba uthi: Lapho ngiya khona, ningeze nina. Wathi kubo: “Nina ningabaphansi; Mina ngingowaphezulu; nina ningabakalumhlaba; mina angisiye owalumhlaba. Ngakho ngathi kini: Niya kufela ezonweni zenu; ngokuba uma ningakholwa ukuthi nginguye, niyakufela ezonweni zenu. Base bethi kuye: “Ungubani na? UJesu wathi kubo: “Lokho enganitshela khona kwasekuqaleni. Nginokuningi engingakusho nokwahlulela ngani; kepha ongithumileyo uqinisile; futhi ngikhuluma emhlabeni lokho engikuzwile kuye. Abaqondanga ukuthi ukhuluma kubo ngoYise. Khona uJesu wathi kubo: “Nxa seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, khona nizakwazi ukuthi nginguye nokuthi angenzi lutho ngokwami; kodwa njengoba uBaba engifundisile, ngikhuluma lezizinto. Ongithumileyo unami; uBaba akangishiyanga ngedwa; ngoba mina ngenza njalo okumthokozisayo. Esakhuluma lawo mazwi, abaningi bakholwa nguye. Khona uJesu wathi kumaJuda akholwe kuye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula. Bamphendula bathi: “Siyinzalo ka-Abrahama, asizange sibe yizigqila zamuntu; usho kanjani ukuthi: Niyakukhululwa na? UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono.

Funda Johane 8

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo