NgokukaJohane 8:22-34
NgokukaJohane 8:22-34 IsiZulu 2020 (ZUL20)
AbaJuda base bethi: “Ngabe uzakuzibulala yini nempela na? Ngokuba uthi: ‘Lapho ngiya khona Mina, anikwazi nina ukuza khona’ na?” UJesu wathi kubo: “Nina ningabalapha ezweni, kodwa Mina ngingowaphezulu. Nina ningabaleli lizwe, kodwa Mina angisiye owaleli lizwe. Ngakho-ke ngithe kini niyakufela ezonweni zenu, ngokuba uma ningakholwa ukuthi Mina Nginguye, niyakufela ezonweni zenu.” Base bethi kuye: “Kanti Wena ungubani na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiyilowo ebenginitshela ngaye kusukela kwasekuqaleni. Nginokuningi engingakusho ngani nenginganehlulela ngakho, kodwa ongithumileyo uqinisile, nami lokho engikuzwa kuye, ngikukhuluma ezweni.” Babengazi ukuthi ukhuluma kubo ngoYise. Ngakho-ke wathi kubo: “Uma seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, kulapho-ke niyakukwazi ukuthi nginguye, nokuthi angenzi lutho ngokwami, kodwa ngikhuluma lokhu engikufundiswe nguBaba. Ongithumileyo unami, kangishiyanga ngingedwa, ngokuba ngenza njalo okuthandekayo kuye.” Esakhuluma lokho, abaningi bakholwa kuye. Ngakho-ke uJesu wakhuluma kubaJuda abase bekholwa kuye, wathi: “Uma nimi esifundisweni sami, ningabafundi bami uqobo, niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.” Bamphendula, bathi: “Thina singabolibo luka-Abhrahama, asikaze sibe yizigqila zamuntu. Usho kanjani ukuthi: ‘Nizakuba ngabakhululekileyo’ na?” UJesu wabaphendula, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: yilowo nalowo owenza isono, uyisigqila sesono.
NgokukaJohane 8:22-34 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Base bethi abaJuda: “Kanti uzakuzibulala na? ngokuba uthi: Lapho ngiya khona, ningeze nina. Wathi kubo: “Nina ningabaphansi; Mina ngingowaphezulu; nina ningabakalumhlaba; mina angisiye owalumhlaba. Ngakho ngathi kini: Niya kufela ezonweni zenu; ngokuba uma ningakholwa ukuthi nginguye, niyakufela ezonweni zenu. Base bethi kuye: “Ungubani na? UJesu wathi kubo: “Lokho enganitshela khona kwasekuqaleni. Nginokuningi engingakusho nokwahlulela ngani; kepha ongithumileyo uqinisile; futhi ngikhuluma emhlabeni lokho engikuzwile kuye. Abaqondanga ukuthi ukhuluma kubo ngoYise. Khona uJesu wathi kubo: “Nxa seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, khona nizakwazi ukuthi nginguye nokuthi angenzi lutho ngokwami; kodwa njengoba uBaba engifundisile, ngikhuluma lezizinto. Ongithumileyo unami; uBaba akangishiyanga ngedwa; ngoba mina ngenza njalo okumthokozisayo. Esakhuluma lawo mazwi, abaningi bakholwa nguye. Khona uJesu wathi kumaJuda akholwe kuye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula. Bamphendula bathi: “Siyinzalo ka-Abrahama, asizange sibe yizigqila zamuntu; usho kanjani ukuthi: Niyakukhululwa na? UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono.
NgokukaJohane 8:22-34 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaJohane 8:22-34 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Base bethi abaJuda: “Imbala uzakuzibulala yini, lokhu ethi: ‘Lapho ngiya khona mina, ningeze nina,’ na?” Wathi kubo: “Nina ningabaphansi, mina ngingowaphezulu; nina ningabaleli zwe, mina angingowaleli zwe. Ngakho-ke ngathi kini nizakufela ezonweni zenu; ngokuba uma ningakholwa ukuthi nginguye, nizakufela ezonweni zenu.” Base bethi kuye: “Wena ungubani na?” Wathi kubo uJesu: “Lokho enganitshela khona kwasekuqaleni. Nginezinto eziningi enginokuzikhuluma nokwahlulela ngani, kepha ongithumileyo uqinisile, nami engakuzwa kuye ngikukhuluma ezweni.” Kabazanga ukuthi ukhuluma kubo ngoYise. Wayesethi uJesu: “Nxa seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, khona-ke nizakwazi ukuthi nginguye nokuthi angenzi lutho ngokwami, kodwa ngikhuluma lokhu njengokuba uBaba engifundisile. Ongithumileyo unami, kangishiyanga ngedwa, ngokuba ngenza njalo okuthandeka kuye.” Esakhuluma lokho, abaningi bakholwa nguye. Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.” Bamphendula bathi: “Siyinzalo ka-Abrahama thina, asibonange sibe yizigqila zamuntu; wena usho kanjani ukuthi: ‘Nizakuba ngabakhululekileyo’ na?” UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono.