UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila kini. Odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; futhi mina ngizamvusa ngosuku lokucina. Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami liyisiphuzo isibili. Odla inyama yami, anathe igazi lami, uhlala kimi, nami kuye. Njengokuba uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngoBaba, kanjalo ongidlayo, naye uyakuphila ngami. Leso yisinkwa esehla ezulwini, kungenjengalokho oyihlo badla imana, bafa; odla lesi sinkwa uyakuphila phakade.
Funda Johane 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Johane 6:53-58
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo