Khona uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila phakathi kwenu. Odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; mina ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela. Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami lingukuphuza isibili. Odla inyama yami, aphuze igazi lami, uhlala kimi, nami kuye. Njengalokho uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngoBaba, lowo ongidlayo naye uyakuphila ngami. Lesi siyisinkwa esehle ezulwini, kungenjengalokho okhokho benu badla imana,* bafa; osidlayo lesi sinkwa uyakuphila phakade.”
Funda NgokukaJohane 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 6:53-58
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo