Johane 6:1-40

Johane 6:1-40 CZB24

Emva kwalokho uJesu wamuka waya phesheya kolwandle lwaseGalile olungolwaseTiberiya. Isixuku esikhulu samlandela, ngokuba sasibona izibonakaliso zakhe azenzayo kwabagulayo. UJesu wenyukela entabeni, wahlala phansi khona nabafundi bakhe. Lase liseduze iPhasika labaJuda. Khona uJesu ephakamisa amehlo akhe, wabona isixuku esikhulu siza kuye, wathi kuFiliphu: Singazithenga ngaphi izinkwa, ukuze laba badle na? Wakusho lokho emlinga, ngokuba yena ubekwazi abezakukwenza. UFiliphu wamphendula wathi: Izinkwa zabodenariyo abangamakhulu amabili azibanele, ukuthi yilowo nalowo athathe okuyingcosana. Omunye wabafundi bakhe, u-Andreya umfowabo kaSimoni Petru, wathi kuye: Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhali eziyisihlanu nezinhlanzana ezimbili; UJesu wathi: “Bahlaliseni abantu phansi. Kwakukhona utshani obuningi kuleyo ndawo. Ahlala-ke amadoda, umumo wawo kungathi izinkulungwane eziyisihlanu. UJesu wathatha izinkwa; esebongile wababela ababehlezi phansi; kanjalo nezinhlanzi ngokuthanda kwabo. Sebesuthi, wathi kubafundi bakhe: Buthani imvuthuluka eseleyo, kungachitheki lutho. Base bebutha, bagcwalisa iziqabetho eziyishumi nambili imvuthuluka yezinkwa eziyisihlanu zebhali, ezasala kwabadlileyo. Khona labobantu sebesibonile isimangaliso uJesu asenzayo, bathi: Isibili lo nguye umprofethi obezakuza emhlabeni. Kwathi uJesu esazi ukuthi bazakuza ukumbamba ngamandla, bambeke inkosi, wabuya wasuka waya entabeni yena yedwa. Kwathi sekuhlwile, abafundi bakhe behlela elwandle. Bangena emkhunjini, bawela ulwandle ngaseKapernawume. Kwasekumnyama, uJesu engakafiki kubo. Kwase kuvuka ulwandle ngenxa yokuvunguza komoya omkhulu. Sebegwedlile kungathi amastadiyu angamashumi amabili nanhlanu noma amashumi amathathu, babona uJesu ehamba phezu kolwandle, esondela emkhunjini; Kodwa wathi kubo: Yimi; ningesabi. Base bevuma ukumemukela emkhunjini; umkhumbi wawusufika masinyane ezweni ababeya kulo. Ngangomuso izixuku ezazimi ngaphesheya kolwandle zabona ukuthi kwakungekho sikebhe lapho, ngaphandle kwalowo ababengene kuwo abafundi bakhe, nokuthi uJesu akangenanga nabafundi bakhe emkhunjini, kodwa ukuthi abafundi bakhe bahamba bodwa; (Kepha kwafika eminye imikhumbi evela eTiberiya eduze nendawo lapho ababedle khona isinkwa, ngemva kokuba iNkosi ibongile.) Kwathi ixuku selibonile ukuthi uJesu labafundi bakhe kakho lapho, labafundi bakhe bangena emikhunjini, beza eKapenawume befuna uJesu. Sebemtholile ngaphetsheya kolwandle, bathi kuye: Rabi, ufike nini lapha? UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kodwa ngokuba nadla izinkwa nasutha. Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kodwa ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyonipha khona iNdodana yomuntu; Basebesithi kuye: Sizakwenzani, ukuze senze imisebenzi kaNkulunkulu? UJesu waphendula, wathi kubo: “Lokhu kungumsebenzi kaNkulunkulu, ukuba nikholwe kuye amthumileyo. Bathi kuye: “Pho, usenza isibonakaliso bani, ukuze sibone, sikholwe nguwe na? usebenzani? Okhokho bethu badla imana ehlane; njengokulotshiweyo ukuthi: Wabanika isinkwa esivela ezulwini ukuba badle. UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: UMose akaninikanga leso sinkwa esivela ezulwini; kodwa uBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini. Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu singuye owehla ezulwini, onika izwe ukuphila. Base bethi kuye: “Nkosi, sinike lesi sinkwa njalonjalo. UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba; okholwa yimi kasoze oma naphakade. Kepha ngithe kini: Ningibonile nani, anikholwanga. Bonke uBaba anginika bona bayakuza kimi; futhi ozayo kimi angisoze ngamlahlela phandle. Ngoba ngehle ezulwini, kungeyisikho ukuthi ngenze intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo. Nalokhu kuyintando kaBaba ongithumileyo, ukuba konke anginike khona ngingalahlekelwa lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngosuku lokugcina. Le yintando yalowo ongithumileyo, ukuthi wonke obona iNdodana, akholwe kuyo, abe lokuphila okuphakade, lami ngizamvusa ngosuku lokucina.

Funda Johane 6