Emva kwalokho kwakukhona umkhosi wabaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema. Kukhona-ke eJerusalema ngasesangweni lezimvu ichibi elithiwa ngesiHeberu iBethesda, linemipheme eyisihlanu. Kwakulele kuyo isixuku esikhulu sabagulayo, izimpumputhe, nezinyonga, nabashwabeneyo, belindele ukuzanyazanyiswa kwamanzi. Ngokuba ingelosi yayiyehla ngezikhathi ezithile echibini, izamazamise amanzi; Kwakukhona lapho umuntu othile owayesegule iminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili. UJesu embona elele, azi ukuthi wayesenesikhathi eside enjalo, wathi kuye: “Uyathanda ukusinda na? Ogulayo wamphendula wathi: Nkosi, kangilamuntu ongangifaka echibini, nxa amanzi ezanyanyiswa; UJesu wathi kuye: Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uhambe.
Funda Johane 5
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Johane 5:1-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo