Johane 5

5
Johane 5
1Emva kwalokho kwakukhona umkhosi wabaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema.
2Kukhona-ke eJerusalema ngasesangweni lezimvu ichibi elithiwa ngesiHeberu iBethesda, linemipheme eyisihlanu.
3Kwakulele kuyo isixuku esikhulu sabagulayo, izimpumputhe, nezinyonga, nabashwabeneyo, belindele ukuzanyazanyiswa kwamanzi.
4Ngokuba ingelosi yayiyehla ngezikhathi ezithile echibini, izamazamise amanzi;
5Kwakukhona lapho umuntu othile owayesegule iminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili.
6UJesu embona elele, azi ukuthi wayesenesikhathi eside enjalo, wathi kuye: “Uyathanda ukusinda na?
7Ogulayo wamphendula wathi: Nkosi, kangilamuntu ongangifaka echibini, nxa amanzi ezanyanyiswa;
8UJesu wathi kuye: Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uhambe.
9Wahle wasinda umuntu, wathatha uhlaka lwakhe, wahamba.
10Base bethi abaJuda kophulukisiwe: Kuyisabatha;
11Wabaphendula wathi: Ongiphilisileyo, nguyena wathi kimi: Thatha uhlaka lwakho, uhambe.
12Base bembuza bathi: “Ngubani lowo othe kuwe: ‘Thabatha uhlaka lwakho, uhambe?
13Owaphulukisiweyo wayengazi ukuthi ungubani, ngokuba uJesu wayesesukile, kukhona isixuku kuleyo ndawo.
14Ngasemuva uJesu wamfumana ethempelini, wathi kuye: “Bheka, ususindile;
15Wamuka lowo muntu, watshela abaJuda ukuthi nguJesu omphilisileyo.
16Ngalokho abaJuda bamzingela uJesu, badinga ukumbulala, ngokuba wakwenza lokho ngesabatha.
17Kodwa uJesu wabaphendula wathi: UBaba uyasebenza kuze kube khathesi, lami ngiyasebenza.
18Ngakho-ke amaJuda adinga kakhulu ukumbulala, ngoba wayengaphuli isabatha kuphela, kodwa wabuye wathi uNkulunkulu unguYise, ezenza olingana loNkulunkulu.
19UJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: INdodana ingenze lutho ngokwayo, kuphela lokho ebona uYise ekwenza;
20Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana, uyikhombisa konke akwenzayo yena; uyakuyikhombisa nemisebenzi emikhulu kunale ukuba nimangale.
21Ngokuba njengalokhu uYise evusa abafileyo, abaphilise; ngokunjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa.
22Ngokuba uYise akahluleli muntu, kepha ukunikile iNdodana konke ukwahlulela;
23ukuze bonke bahloniphe iNdodana, njengalokhu bedumisa uYise. Ongayihloniphi iNdodana akamhloniphi uYise oyithumileyo.
24Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade, akayi ekwahlulelweni; kodwa wedlulile ekufeni wangena ekuphileni.
25Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abafileyo beyakulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu, abezwayo bayakuphila.
26Ngokuba njengalokhu uBaba enokuphila ngokwakhe; ngokunjalo uyiphile iNdodana ibe nokuphila kuyo;
27Uyinikile amandla okwahlulela, ngokuba iyiNdodana yomuntu.
28Ningamangali ngalokho, ngokuba ihora liyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo;
29Futhi lizaphuma; abenze okuhle baphumele ekuvukeni kokuphila; lalabo abenze okubi, ekuvukeni kokulahlwa.
30Mina ngingenze lutho ngokwami; ngoba kangifuni intando yami, kodwa intando kaBaba ongithumileyo.
31Uma ngizifakazela mina, ubufakazi bami abuloqiniso.
32Ukhona omunye ofakaza ngami; ngiyazi ukuthi ubufakazi afakaza ngami buqinisile.
33Nathumela kuJohane, walifakazela iqiniso.
34Kodwa mina kangibamukeli ubufakazi kumuntu, kodwa ngitsho lezizinto ukuze lina lisindiswe.
35Yena wayeyisibani esivuthayo nesikhanyayo, nina-ke nathanda ukuthokoza isikhashana ekukhanyeni kwakhe.
36Kepha mina nginobufakazi obukhulu kunobukaJohane, ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze, yona le misebenzi engiyenzayo, iyangifakazela ukuthi uBaba ungithumile.
37Naye uBaba ongithumileyo ufakazile ngami. Anikaze nilizwe izwi lakhe, anisibonanga isimo sakhe.
38Aninalo izwi lakhe elihlezi kini, ngokuba anikholwa nguyena amthumileyo.
39Hlolani imibhalo; ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo; yiyona efakaza ngami.
40Kodwa anithandi ukuza kimi, ukuze nibe nokuphila.
41Angilamukeli udumo ebantwini;
42Kepha ngiyanazi ukuthi aninalo uthando lukaNkulunkulu phakathi kwenu.
43Mina ngize egameni likaBaba, kepha aningamukeli; uma kuza omunye ngelakhe igama, niyamamukela yena.
44Ningakholwa kanjani nina enidumisa omunye komunye, ningaludingi udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa na?
45Ningacabangi ukuthi ngiyakunimangalela kuBaba; ukhona onimangalelayo, uMose enimethembayo.
46Ngokuba uma benikholwa nguMose, beniyakukholwa yimi, ngokuba yena waloba ngami.
47Kepha uma ningakholwa yimibhalo yakhe, niyakukholwa kanjani amazwi ami na?

Okuqokiwe okwamanje:

Johane 5: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo