Johane 5:1-15

Johane 5:1-15 CZB24

Emva kwalokho kwakukhona umkhosi wabaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema. Kukhona-ke eJerusalema ngasesangweni lezimvu ichibi elithiwa ngesiHeberu iBethesda, linemipheme eyisihlanu. Kwakulele kuyo isixuku esikhulu sabagulayo, izimpumputhe, nezinyonga, nabashwabeneyo, belindele ukuzanyazanyiswa kwamanzi. Ngokuba ingelosi yayiyehla ngezikhathi ezithile echibini, izamazamise amanzi; Kwakukhona lapho umuntu othile owayesegule iminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili. UJesu embona elele, azi ukuthi wayesenesikhathi eside enjalo, wathi kuye: “Uyathanda ukusinda na? Ogulayo wamphendula wathi: Nkosi, kangilamuntu ongangifaka echibini, nxa amanzi ezanyanyiswa; UJesu wathi kuye: Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uhambe. Wahle wasinda umuntu, wathatha uhlaka lwakhe, wahamba. Base bethi abaJuda kophulukisiwe: Kuyisabatha; Wabaphendula wathi: Ongiphilisileyo, nguyena wathi kimi: Thatha uhlaka lwakho, uhambe. Base bembuza bathi: “Ngubani lowo othe kuwe: ‘Thabatha uhlaka lwakho, uhambe? Owaphulukisiweyo wayengazi ukuthi ungubani, ngokuba uJesu wayesesukile, kukhona isixuku kuleyo ndawo. Ngasemuva uJesu wamfumana ethempelini, wathi kuye: “Bheka, ususindile; Wamuka lowo muntu, watshela abaJuda ukuthi nguJesu omphilisileyo.

Funda Johane 5

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Johane 5:1-15