Wayesefika emzini waseSamariya othiwa iSikhari, eduze nesiqephu sensimu uJakobe asinika uJosefa indodana yakhe. Kwakukhona umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wahlala kanjalo ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha. Kwafika owesifazane waseSamariya ukuzokukha amanzi; uJesu wathi kuye: “Ngiphuzise. (Ngokuba abafundi bakhe babehambile baya emzini ukuyothenga ukudla.) Owesifazane waseSamariya wathi kuye: “Kungani wena ungumJuda ucela ukuphuziswa yimi engingowesifazane waseSamariya na? ngoba amaJuda kawadlelani lamaSamariya.
Funda Johane 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Johane 4:5-9
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo