NgokukaJohane 4:5-9

NgokukaJohane 4:5-9 ZUL20

Ngakho-ke wafika eSamariya emzini okuthiwa yiSikhari, eduze nesiqinti uJakobe asinika uJosefa, indodana yakhe. Kwakukhona umthombo kaJakobe lapho. Ngakho-ke uJesu esekhathele ukuhamba, wahlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha. Kwafika owesifazane waseSamariya ezokukha amanzi. UJesu wathi kuye: “Ake ungiphuzise.” Abafundi bakhe babesahambile beyothenga ukudla emzini. Owesifazane waseSamariya waphendula, wathi: “Kungenzeka kanjani ukuba Wena ungumJuda, ucele kimi engingowesifazane waseSamariya ukuba ngikuphuzise na?” Phela abaJuda abadlelani namaSamariya.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo