Ngakho lowomfundi uJesu amthandayo wathi kuPetro: YiNkosi. USimoni Petru, ekuzwa ukuthi yiNkosi, wagqoka ingubo yakhe yokudoba, ngokuba wayenqunu, waziphonsa olwandle. Abanye abafundi beza ngomkhumbi; (ngokuba babengekude nenhlabathi, kungathi izingalo ezingamakhulu amabili), bedonsa inetha elinezinhlanzi. Khona sebefikile emhlabathini, babona umlilo wamalahle, nezinhlanzi kubekwe kuwo, nesinkwa. UJesu wathi kubo: Lethani izinhlanzi enizibambe manje. USimoni Petru wakhuphuka, walihudulela emhlabathini inetha ligcwele izinhlanzi ezinkulu, eziyikhulu namashumi ayisihlanu nantathu; UJesu wathi kubo: Wozani lidle. Kodwa kakho kubafundi owaba lesibindi sokumbuza ukuthi: Wena ungubani? besazi ukuthi yiNkosi. UJesu wayesesiza, wathatha isinkwa, wabanika, nezinhlanzi ngokunjalo. Lokhu sekungokwesithathu uJesu ezibonakalisa kubafundi bakhe, esevukile kwabafileyo. Sebedlile uJesu wathi kuSimoni Petru: Simoni kaJona, uyangithanda kunalaba na? Wathi kuye: Yebo, Nkosi; uyazi ukuthi ngiyakuthanda. Wathi kuye: Dlisa amawundlu ami. Wabuye wathi kuye ngokwesibili: Simoni kaJona, uyangithanda na? Wathi kuye: Yebo, Nkosi; uyazi ukuthi ngiyakuthanda. Wathi kuye: Dlisa izimvu zami. Wathi kuye ngokwesithathu: Simoni kaJona, uyangithanda na? UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: Uyangithanda na? Wathi kuye: “Nkosi, wazi zonke izinto wena; uyazi ukuthi ngiyakuthanda. UJesu wathi kuye: Dlisa izimvu zami.
Funda Johane 21
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Johane 21:7-17
3 Days
This 3-day reading plan written by Rev, Samuel Rodriguez focuses on our spiritual hunger, and recognizing that our souls require nourishment on a regular basis. No matter how often we pray, how many Bible passages we study and memorize, how frequently we attend church events or serve those in need, there’s always room to grow closer to God.
10 Days
What if we don’t have to travel far to get close to people who are distant from God? What if Christians were the best neighbors? Would your street change? Would heaven be fuller? A long time ago, a religious leader asked Jesus how to get into heaven. Jesus answered with a question, then the story of the Good Neighbor. No surprise, 2000 years later Jesus’ story still explains how to neighbor. Join Pastor Craig Groeschel and Life.Church in a practical, story-filled guide to meeting your neighbors and loving them as yourself. But don’t just read it—live it!
Peter was just a fisherman from backwater Galilee, but he was pursued by Jesus and became the rock upon which the church was built. He witnessed the pivotal moment of the cross and empty tomb. Join author Daniel Darling on this 10-day plan to discover the life of Simon Peter, an unlikely character caught up in the story of Jesus.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo