Khona lowo mfundi uJesu amthandayo wathi kuPetru: “YiNkosi.” USimoni Petru, ekuzwa ukuthi yiNkosi, wagqoka, ngokuba wayehamba ze, waziphonsa elwandle. Kepha abanye abafundi beza ngesikebhe, ngokuba bebengekude nenhlabathi kepha kungathi izingalo ezingamakhulu amabili, bedonsa inetha linezinhlanzi. Kuthe sebephumele emhlabathini, babona umlilo wamalahle, nezinhlanzi zibekwe kuwo, nesinkwa. UJesu wathi kubo: “Lethani izinhlanzi kwenizibambe manje.” Wasuka uSimoni Petru, walihudulela emhlabathini inetha. Ligcwele izinhlanzi ezinkulu, ziyikhulu namashumi ayisihlanu nantathu; noma zingako, inetha alidabukanga. UJesu wathi kubo: “Wozani nidle.” Kepha akwabakho kubafundi owaba nesibindi sokumbuza ngokuthi: “Ungubani wena na?” Bazi ukuthi yiyo iNkosi. UJesu weza, wathabatha isinkwa, wabapha, nezinhlanzi futhi. Lokho sekungokwesithathu uJesu ebonakaliswa kubafundi, esevukile kwabafileyo. Khona sebedlile uJesu wathi kuSimoni Petru: “Simoni kaJona, uyangithanda kunalaba na?” Wathi kuye: “Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda.” Wathi kuye: “Yipha amawundlu ami.” Wabuye wathi kuye ngokwesibili: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” Wathi kuye: “Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda.” Wathi kuye: “Yalusa izimvu zami.” Wathi kuye ngokwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuye: “Nkosi, wazi konke wena, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yipha izimvu zami.
Funda NgokukaJohane 21
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 21:7-17
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo