Johane 21:15-17

Johane 21:15-17 CZB24

Sebedlile uJesu wathi kuSimoni Petru: Simoni kaJona, uyangithanda kunalaba na? Wathi kuye: Yebo, Nkosi; uyazi ukuthi ngiyakuthanda. Wathi kuye: Dlisa amawundlu ami. Wabuye wathi kuye ngokwesibili: Simoni kaJona, uyangithanda na? Wathi kuye: Yebo, Nkosi; uyazi ukuthi ngiyakuthanda. Wathi kuye: Dlisa izimvu zami. Wathi kuye ngokwesithathu: Simoni kaJona, uyangithanda na? UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: Uyangithanda na? Wathi kuye: “Nkosi, wazi zonke izinto wena; uyazi ukuthi ngiyakuthanda. UJesu wathi kuye: Dlisa izimvu zami.

Funda Johane 21