Johane 20:19-23

Johane 20:19-23 CZB24

Ngalolo suku kusihlwa, ngolokuqala lweviki, iminyango ivaliwe lapho ababebuthene khona abafundi ngokwesaba abaJuda, uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina. Eseshilo lokho wababonisa izandla nohlangothi lwakhe. Khona-ke abafundi bajabula lapho bebona iNkosi. Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kinina, njengalokho uBaba engithumile, nami ngiyanithuma nina. Esekushilo lokho wabaphefumulela, wathi kubo: “Yamukelani uMoya oNgcwele; Enibathethelela izono zabo, bathethelelwe; lalabo enibabambayo izono zabo, zibanjiwe.

Funda Johane 20

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo