Johane 20:1-18

Johane 20:1-18 CZB24

Ngolokuqala lweviki uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe ethuneni. Wayesegijima, waya kuSimoni Petru nakomunye umfundi uJesu amthandayo, wathi kubo: “Bayisusile iNkosi ethuneni, asazi lapho abayibeke khona. Wayesephuma uPetru nalo omunye umfundi, bafika ethuneni. Base begijima bobabili kanyekanye; kepha omunye umfundi wamgijima kakhulu uPetru, wafika kuqala ethuneni. Ekhothama elunguza, wabona izindwangu zelineni zikhona; nokho akangenanga. Khona uSimoni Petru wafika emlandela, wangena ethuneni, wabona izindwangu zelineni zikhona; Neduku elalisekhanda lakhe, lingekho kanye nelineni, kodwa lisongiwe wodwa ndaweninye. Wasengena lalowo mfundi ofike kuqala ethuneni, wabona, wakholwa; Ngokuba babengakawazi umbhalo, ukuthi umelwe ukuvuka kwabafileyo. Base bemuka abafundi babuyela ekhaya. Kepha uMariya wema ngaphandle ethuneni ekhala; Wabona izingelosi ezimbili zembethe okumhlophe zihlezi, enye ngasekhanda nenye ngasezinyaweni, lapho isidumbu sikaJesu besilele khona. Bathi kuye: “Mame, ukhalelani na? Wathi kuzo: “Ngokuba bayithathile iNkosi yami, futhi angazi lapho abayibeke khona. Eseshilo lokho waphenduka, wabona uJesu emi, kepha wayengazi ukuthi nguJesu. UJesu wathi kuye: “Mame, ukhalelani na? ufuna bani? Yena ecabanga ukuthi ngumphathi wensimu, wathi kuye: “Nkosi, uma umsusile, ngitshele lapho ombeke khona, mina ngiyakumsusa; UJesu wathi kuye: Mariya. Waphenduka, wathi kuye: Raboni; okungukuthi: Mfundisi. UJesu wathi kuye: “Ungangithinti; ngoba kangikenyukeli kuBaba; kodwa hamba uye kubafowethu, uthi kubo: Ngenyukela kuBaba loYihlo; nakuNkulunkulu wami, noNkulunkulu wenu. UMariya Magdalena weza wabikela abafundi ukuthi uyibonile iNkosi, nokuthi ikhulume lokho kuye.

Funda Johane 20

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Johane 20:1-18

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo