NgokukaJohane 20:1-18

NgokukaJohane 20:1-18 ZUL59

Kwathi ngosuku lokuqala lweviki uMariya Magdalena wafika ethuneni ekuseni kusemnyama, wabona itshe lisusiwe ethuneni. Khona wayesegijima waya kuSimoni Petru nakulowo mfundi omunye uJesu amthandayo, wathi kubo: “Bayisusile iNkosi ethuneni, asazi lapha beyibeke khona.” Ngakho wayesephuma uPetru nomunye umfundi, beza ethuneni. Bagijima bobabili kanyekanye; kepha umfundi omunye wagijima kakhulu kunoPetru, wafika kuqala ethuneni; elunguza wabona izindwangu zelineni zikhona, kepha akangenanga. Khona wafika noSimoni Petru emlandela, wangena ethuneni, wabona izindwangu zelineni zikhona, neduku ebelisekhanda lakhe libekiwe lingekho ezindwangwini zelineni, kepha lisongwe lilodwa kwenye indawo. Khona wayesengena nomfundi omunye ofike kuqala ethuneni, wabona, wakholwa; ngokuba bebengakawuqondi umbhalo wokuthi ubefanele ukuvuka kwabafileyo. Base bemuka abafundi, baphindela kubo. Kepha uMariya wema ethuneni ngaphandle ekhala; esakhala walunguza ethuneni; wabona izingelosi ezimbili zembethe okumhlophe, zihlezi, enye ngasekhanda nenye ngasezinyaweni, lapho isidumbu sikaJesu besilele khona. Zona-ke zathi kuye: “Mame, ukhalelani na?” Wathi kuzo: “Bayithathile iNkosi yami, futhi angazi ukuthi bayibekephi.” Eseshilo lokho waphenduka, wabona uJesu emi, kepha wayengazi ukuthi nguJesu. UJesu wathi kuye: “Mame, ukhalelani na? Ufuna bani na?” Kepha yena ethi ngumphathi wensimu wathi kuye: “Nkosi, uma umsusile, ngitshele ukuthi umbekephi, ngiye ngiyakumthatha mina.” UJesu wathi kuye: “Mariya!” Waphenduka, wathi kuye ngesiHeberu: “Rabuni,” okungukuthi: “Mfundisi.” UJesu wathi kuye: “Ungangithinti, ngokuba angikenyukeli kuBaba. Kepha yana kubazalwane bami, ubatshele ukuthi ngenyukela kuBaba noYihlo, kuNkulunkulu wami noNkulunkulu wenu.” UMariya Magdalena weza wabikela abafundi ukuthi: “Ngiyibonile iNkosi,” nokuthi: “Ishilo lokho kimi.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 20:1-18

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo