Johane 2:1, 3-22

Johane 2:1 CZB24

Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; nonina kaJesu wayelapho.

Funda Johane 2

Johane 2:3-22 CZB24

Seliphelelwe iwayini, unina kaJesu wathi kuye: Kabanalo iwayini. UJesu wathi kuye: “Mame, nginamsebenzi muni nawe? ihora lami alikafiki. Unina wathi ezincekwini: Konke alisho kini, kwenzeni. Kwakukhona lapho izimbiza zamanzi eziyisithupha zamatshe ngokwesimiso samaJuda sokuhlambulula, iyinye ingalingana amashedi amabili nantathu. UJesu wathi kubo: Gcwalisani izimbiza ngamanzi. Base bewagcwalisa kwaze kwafika emlonyeni. Wathi kubo: “Yikhani manje, niyise kumphathi wokudla; Base beyithwala. Kwathi umphathi wokudla esewanambithile amanzi abenziwe iwayini, engazi lapho elivela khona, (kepha izinceku ezaziwakhile amanzi zazisazi), umphathi wokudla wabiza umyeni; Wathi kuye: Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala; kuthi lapho sebephuzile, kudlule elibi, kepha wena ugcinile elimnandi kuze kube manje. Lokho ukuqala kwezibonakaliso uJesu wakwenza eKhana laseGalile, ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa kuye. Emva kwalokho wehlela eKapernawume, yena, nonina, nabafowabo, nabafundi bakhe; bahlala khona izinsuku ezingeziningi. Laselisondele iPhasika labaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema. Wafumana ethempelini abathengisa ngezinkomo nezimvu namajuba, nabashintshi bemali behlezi. Esenzile isiswepu sezintambo, wabaxosha bonke ethempelini, nezimvu, nezinkomo; wayichitha imali yabashintshi, wagumbuqela amatafula; Wasesithi kwabathengisa amajuba: Susani lezizinto lapha; ningayenzi indlu kaBaba ibe yindlu yokuthengisela. Abafundi bakhe bakhumbula ukuthi kulotshiwe ukuthi: “Ukushisekela indlu yakho kungidlile. Base bephendula abaJuda, bathi kuye: “Usibonisa isibonakaliso sini, lokhu wenza lokhu na? UJesu waphendula wathi kubo: Dilizani lelithempeli, njalo ngensuku ezintathu ngiyakulivusa. Base bethi abaJuda: “Leli thempeli iminyaka engamashumi amane nesithupha lakhiwa, wena-ke uyakulivusa ngezinsuku ezintathu na? Kodwa yena wayekhuluma ngethempeli lomzimba wakhe. Kuthe esevukile kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi wayekushilo lokho kubo; basebekholwa umbhalo lelizwi uJesu alikhulumayo.

Funda Johane 2

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Johane 2:1, 3-22