NgokukaJohane 2:1,3-22
NgokukaJohane 2:1 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; nonina kaJesu wayelapho.
Johane 2:3-22 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Seliphelelwe iwayini, unina kaJesu wathi kuye: Kabanalo iwayini. UJesu wathi kuye: “Mame, nginamsebenzi muni nawe? ihora lami alikafiki. Unina wathi ezincekwini: Konke alisho kini, kwenzeni. Kwakukhona lapho izimbiza zamanzi eziyisithupha zamatshe ngokwesimiso samaJuda sokuhlambulula, iyinye ingalingana amashedi amabili nantathu. UJesu wathi kubo: Gcwalisani izimbiza ngamanzi. Base bewagcwalisa kwaze kwafika emlonyeni. Wathi kubo: “Yikhani manje, niyise kumphathi wokudla; Base beyithwala. Kwathi umphathi wokudla esewanambithile amanzi abenziwe iwayini, engazi lapho elivela khona, (kepha izinceku ezaziwakhile amanzi zazisazi), umphathi wokudla wabiza umyeni; Wathi kuye: Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala; kuthi lapho sebephuzile, kudlule elibi, kepha wena ugcinile elimnandi kuze kube manje. Lokho ukuqala kwezibonakaliso uJesu wakwenza eKhana laseGalile, ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa kuye. Emva kwalokho wehlela eKapernawume, yena, nonina, nabafowabo, nabafundi bakhe; bahlala khona izinsuku ezingeziningi. Laselisondele iPhasika labaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema. Wafumana ethempelini abathengisa ngezinkomo nezimvu namajuba, nabashintshi bemali behlezi. Esenzile isiswepu sezintambo, wabaxosha bonke ethempelini, nezimvu, nezinkomo; wayichitha imali yabashintshi, wagumbuqela amatafula; Wasesithi kwabathengisa amajuba: Susani lezizinto lapha; ningayenzi indlu kaBaba ibe yindlu yokuthengisela. Abafundi bakhe bakhumbula ukuthi kulotshiwe ukuthi: “Ukushisekela indlu yakho kungidlile. Base bephendula abaJuda, bathi kuye: “Usibonisa isibonakaliso sini, lokhu wenza lokhu na? UJesu waphendula wathi kubo: Dilizani lelithempeli, njalo ngensuku ezintathu ngiyakulivusa. Base bethi abaJuda: “Leli thempeli iminyaka engamashumi amane nesithupha lakhiwa, wena-ke uyakulivusa ngezinsuku ezintathu na? Kodwa yena wayekhuluma ngethempeli lomzimba wakhe. Kuthe esevukile kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi wayekushilo lokho kubo; basebekholwa umbhalo lelizwi uJesu alikhulumayo.
NgokukaJohane 2:1 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi ngosuku lwesithathu, kwaba khona umshado eKhana eGalile. Unina kaJesu wayekhona lapho.
NgokukaJohane 2:3-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi sekuphele iwayini, unina kaJesu wathi kuye: “Abanalo iwayini.” UJesu wathi kuye: “Mame, ungene ngani kokwami na? Isikhathi sami asikafiki.” Unina wayesethi ezincekwini: “Yenzani noma yini azakunitshela yona.” Kwakukhona lapho izimbiza eziyisithupha ezazenziwe ngamatshe, zibekwe ngokwesiko labaJuda lokugeza izandla. Imbiza ngayinye yayimumatha umthamo othi awube yizilinganiso ezimbili noma ezintathu. UJesu wathi ezincekwini: “Gcwalisani izimbiza ngamanzi.” Zazigcwalisa. Wayesethi kuzo: “Cakulani manje, nihambise kumphathi wokudla.” Zahambisa-ke. Umphathi wokudla ezwa amanzi aphenduke iwayini, kodwa engazi ukuthi livela kuphi, kepha izinceku ezaziwakhile amanzi zazi, wabiza umyeni. Wathi kuye: “Wonke umuntu ukhipha iwayini elimnandi kuqala, kuthi uma abantu sebephuze kakhulu, akhiphe elibi, kodwa wena ugcine iwayini elimnandi kuze kube manje.” Lesi kwakuyisibonakaliso sokuqala uJesu asenza eKhana eGalile, ebonakalisa inkazimulo yakhe. Abafundi bakhe bakholwa nguye. Emva kwalokho, wehlela eKhaphernawume: Yena nonina nabafowabo nabafundi bakhe, bahlala lapho izinsukwana ezimbalwa. Lase lisondele iPhasika labaJuda, uJesu wenyukela eJerusalema. Wafumana ethempelini ababethengisa ngezinkomo, ngezimvu nangamajuba, abanye behlezi beshintsha imali. Wayesephotha inkalivasi ngezintambo, wabaxosha bonke ethempelini, izimvu nezinkomo; wasakaza imali yabashintshisayo, wagumbuqela amatafula. Wathi kulabo abathengisa ngamajuba: “Susani lokhu lapha, ningayenzi indlu kaBaba ibe yindlu yokuthengiselana.” Abafundi bakhe bakhumbula ukuthi kulotshwe ukuthi: “Ukushisekela indlu yakho kuyakungidla.” Ngakho-ke abaJuda bambuza, bathi: “Usibonisa sibonakaliso sini ngokwenza lokhu na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Dilizani leli thempeli, ngizakulivusa ngezinsuku ezintathu.” AbaJuda bathi kuye: “Leli thempeli lathatha iminyaka engama-46 lakhiwa, wena uthi uzakulivusa ngezinsuku ezintathu na?” Kepha uJesu wayekhuluma ngethempeli elingumzimba wakhe. Ngakho-ke kuthe esevusiwe kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi wayekushilo lokho. Bakholwa ngumbhalo nayizwi uJesu ayelikhulumile.
NgokukaJohane 2:1 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; wayekhona lapho unina kaJesu.
NgokukaJohane 2:3-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ukuba lisweleke iwayini, unina kaJesu wathi kuye: “Kabanalo iwayini.” UJesu wathi kuye: “Mame, ungene ngani kokwami na? Isikhathi sami asikafiki.” Wathi unina ezincekwini: “Nayikuphi akusho kini anokwenza.” Kwakukhona lapho izimbiza zamatshe eziyisithupha zibekwe ngesiko lokuhlamba labaJuda, ziphethe yileso naleso izilinganiso ezimbili noma ezintathu. UJesu wathi ezincekwini: “Gcwalisani izimbiza ngamanzi;” zazigcwalisa-ke. Wayesethi kuzo: “Yikhani manje, niyise kumphathi wokudla;” zayisa-ke. Umphathi wokudla ezwa amanzi aphenduke iwayini, engazi ukuthi livelaphi, kepha izinceku ezaziwakhile amanzi bezazi, umphathi wokudla wabiza umyeni, wathi kuye: “Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala, kuthi lapha sebephuze kakhulu, akhiphe elibi kunalo; wena ugcinile elimnandi kuze kube manje.” Lokho ukuqala kwezibonakaliso wakwenza uJesu eKhana laseGalile ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa nguye. Ngasemva kwalokho wehlela eKapernawume, yena, nonina, nabafowabo, nabafundi bakhe, bahlala khona izinsuku ezingeziningi. Lalisondele iPhasika labaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema. Wafumana ethempelini abathengisa ngezinkomo nangezimvu nangamajuba, nabahlezi beshintsha imali. Wayesenza inkalivasi* ngezintambo, waxosha bonke ethempelini, nezimvu nezinkomo, wachitha imali yabashintshayo, wagumbuqela amatafula, wathi kwabathengisa ngamajuba: “Susani lokhu lapha, ningayenzi indlu kaBaba indlu yokuthengelana.” Abafundi bakhe bakhumbula ukuba kulotshwe ukuthi: “Ukushisekela indlu yakho kuyangidla.” Ngakho-ke abaJuda baphendula, bathi kuye: “Usitshengisa isibonakaliso sini ukuba wenze lokhu na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Bhidlizani leli thempeli, ngizakulivusa ngezinsuku ezintathu.” Ngakho bathi abaJuda: “Leli thempeli kwaba yiminyaka engamashumi amane nesithupha lakhiwa, wena-ke uzakulivusa ngezinsuku ezintathu na?” Kepha wayekhuluma ngethempeli lomzimba wakhe. Kuthe esevukile kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi washo njalo kubo; bakholwa ngumbhalo nezwi abelishilo uJesu.
NgokukaJohane 2:1 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; nonina kaJesu wayelapho.
Johane 2:3-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)