Johane 19:28-42

Johane 19:28-42 CZB24

Emva kwalokho uJesu ekwazi ukuthi zonke izinto seziphelile, ukuze kugcwaliseke umbhalo, wathi: Ngomile. Kwakubekwe isitsha esigcwele uviniga; bagcwalisa uzipho ngoviniga, baluhloma phezu kwehisopi, balubeka emlonyeni wakhe. Kuthe uJesu eselamukele uviniga, wathi: “Kufeziwe.” Wagebisa ikhanda, wafa. Ngakho abaJuda, njengoba kwakulilungiselelo, ukuba izidumbu zingahlali esiphambanweni ngesabatha, ngokuba lolo suku lwesabatha lwaluwusuku olukhulu, acela kuPilatu ukuba yephulwe imilenze yabo, bathathwe kude. Khona amabutho afika, aphula imilenze yowokuqala, neyomunye owayebethelwe kanye naye. Kodwa efika kuJesu, ebona ukuthi wayesefile, kawayephulanga imilenze yakhe; Kodwa elinye lamasosha lamgwaza ohlangothini ngomkhonto, kwaphuma masinyane igazi namanzi. Lowo obonileyo ufakazile, nobufakazi bakhe buqinisile, naye uyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, ukuze nani nikholwe. Ngoba lezizinto zenziwa ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: Akuyikuphulwa thambo lakhe. Futhi omunye umbhalo uthi: Bazamkhangela abamhlabayo. Emva kwalokho uJosefa wase-Arimathiya, engumfundi kaJesu, kodwa ekusithekeni ngokwesaba abaJuda, wacela kuPilatu ukuba asuse isidumbu sikaJesu; uPilatu wamvumela. Ngakho weza wathatha isidumbu sikaJesu. Kwafika noNikodemu owafika kuJesu kuqala ebusuku, ephethe ingxube yenhlaka nenhlaba, engaba amapondo ayikhulu. Base bethatha isidumbu sikaJesu, basisonga ngezindwangu zelineni kanye namakha, njengomkhuba wabaJuda ukumbela. Kwakukhona insimu endaweni lapho wayebethelwe khona esiphambanweni; nasensimu ithuna elisha, okungakabekwa muntu kulo. Ngakho bamlalisa lapho uJesu ngenxa yosuku lokuLungiselela lwabaJuda; ngoba ithuna laliseduze.

Funda Johane 19

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Johane 19:28-42

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo