Johane 18:13-24

Johane 18:13-24 CZB24

Bamyisa ku-Anase kuqala; ngokuba wayenguyisezala kaKayafase owayengumpristi omkhulu ngalowo mnyaka. Kepha uKayafase nguye owayala abaJuda ukuthi kubalungele ukuba umuntu oyedwa afele abantu. USimoni Petru walandela uJesu nomunye umfundi. Lowo mfundi wayesaziwa kumpristi omkhulu, wangena noJesu egcekeni lompristi omkhulu. Kodwa uPetro wema ngaphandle emnyango. Khona waphuma lowo omunye umfundi owaziwa ngumpristi omkhulu, wakhuluma nomlindi wesango, wamngenisa uPetru. Incekukazi engumlindisango yathi kuPetru: “Angithi nawe ungomunye wabafundi balumuntu na? Wathi: Kangisuye. Kwakumi izinceku nezikhonzi zibasile umlilo wamalahle; Base besotha, noPetru wayemi nabo otha. Umphristi omkhulu wasebuza uJesu ngabafundi bakhe langemfundiso yakhe. UJesu wamphendula wathi: “Ngikhulume obala emhlabeni; Bengihlala ngifundisa esinagogeni nasethempelini, lapho abaJuda bebuthana khona njalo; futhi ngasese angikhulumanga lutho. Ungibuzani na? buza kwabangizwileyo engikushilo kubo; bhekani, bayakwazi engikushilo. Esetshilo lokho, omunye wabancedisi ababemi khona wamtshaya uJesu ngentende, wathi: “Uphendula njalo umpristi omkhulu na? UJesu wamphendula wathi: “Uma ngikhulume kabi, fakaza ngobubi; UAnase wayesemthumela eboshiwe kuKayafase umpristi omkhulu.

Funda Johane 18

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo