NgokukaJohane 18:13-24
NgokukaJohane 18:13-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Bamyisa ku-Anase kuqala; ngokuba wayenguyisezala kaKayafase owayengumpristi omkhulu ngalowo mnyaka. Kepha uKayafase nguye owayala abaJuda ukuthi kubalungele ukuba umuntu oyedwa afele abantu. USimoni Petru walandela uJesu nomunye umfundi. Lowo mfundi wayesaziwa kumpristi omkhulu, wangena noJesu egcekeni lompristi omkhulu. Kodwa uPetro wema ngaphandle emnyango. Khona waphuma lowo omunye umfundi owaziwa ngumpristi omkhulu, wakhuluma nomlindi wesango, wamngenisa uPetru. Incekukazi engumlindisango yathi kuPetru: “Angithi nawe ungomunye wabafundi balumuntu na? Wathi: Kangisuye. Kwakumi izinceku nezikhonzi zibasile umlilo wamalahle; Base besotha, noPetru wayemi nabo otha. Umphristi omkhulu wasebuza uJesu ngabafundi bakhe langemfundiso yakhe. UJesu wamphendula wathi: “Ngikhulume obala emhlabeni; Bengihlala ngifundisa esinagogeni nasethempelini, lapho abaJuda bebuthana khona njalo; futhi ngasese angikhulumanga lutho. Ungibuzani na? buza kwabangizwileyo engikushilo kubo; bhekani, bayakwazi engikushilo. Esetshilo lokho, omunye wabancedisi ababemi khona wamtshaya uJesu ngentende, wathi: “Uphendula njalo umpristi omkhulu na? UJesu wamphendula wathi: “Uma ngikhulume kabi, fakaza ngobubi; UAnase wayesemthumela eboshiwe kuKayafase umpristi omkhulu.
NgokukaJohane 18:13-24 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaJohane 18:13-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bamhola, bamyisa ku-Anase kuqala, ngokuba engumukhwe kaKhayifase owayengumphristi omkhulu ngalowo nyaka. Phela uKhayifase nguyena owaluleka abaJuda ngokuthi kungcono ukuba umuntu oyedwa afele abantu. USimoni Phethro nomunye umfundi owayaziwa ngumphristi omkhulu, bamlandela uJesu. UJesu wangena-ke egcekeni lomphristi omkhulu. Kepha uPhethro wayemi ngaphandle kwesango. Waphuma lowo mfundi owayaziwa ngumphristi omkhulu, wakhuluma nentombazane engumlindimnyango, yayisimngenisa uPhethro. Intombazana engumlindimnyango yayisithi kuPhethro: “Ngabe impela nawe awusiye yini omunye wabafundi balo muntu na?” Wathi yena: “Angisiye.” Kwakumi lapho izinceku nezikhonzi zibase umlilo wamalahle, zotha, ngokuba kwakumakhaza; noPhethro wayemi nazo, otha umlilo. Kepha umphristi omkhulu wabuza uJesu ngabafundi bakhe nangemfundiso yakhe. UJesu wamphendula, wathi: “Ngikhulumile esidlangalaleni ezweni. Ngezikhathi zonke, bengifundisa esinagogeni nasethempelini, lapho kubuthana khona bonke abaJuda, angikhulumanga lutho ngasese. Pho ubuzelani kimi na? Buza kulabo abezwile lokho engakukhuluma kubo; bona bayakwazi engakushoyo.” Esasho lokho, esinye isikhonzi esasimi eduze sammukula uJesu, sathi: “Uphendula umphristi omkhulu kanjalo na?” UJesu wasiphendula, wathi: “Uma ngikhulume kabi, fakaza ngalobo bubi; kodwa uma kukuhle, ungishayelani na?” U-Anase wamthumela eboshiwe kuKhayafase, umphristi omkhulu.
NgokukaJohane 18:13-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
baqala bamyisa ku-Anase, ngokuba engumukhwe kaKayafase obengumpristi omkhulu walowo mnyaka. UKayafase kambe nguye owaluleka abaJuda ngokuthi kubalungele ukuba kufe umuntu abe munye ngenxa yesizwe. USimoni Petru walandela uJesu nomunye umfundi. Lowo mfundi wayaziwa ngumpristi omkhulu, wangena noJesu egcekeni lompristi omkhulu; kepha uPetru wayemi ngaphandle emnyango. Waphuma-ke lowo mfundi omunye owaziwa ngumpristi omkhulu, wakhuluma nomlindikazi womnyango, wamngenisa uPetru. Intombazana elinda emnyango yayisithi kuPetru: “Imbala nawe awusiye owabafundi balowo muntu na?” Wathi yena: “Angisiye.” Kwakumi khona izinceku nezikhonzi zibasile umlilo wamalahle, ngokuba kwakumakhaza, zotha; noPetru wayenazo otha. Kepha umpristi omkhulu wabuza uJesu ngabafundi bakhe nangemfundiso yakhe. UJesu wamphendula wathi: “Ngikhulumile obala ezweni. Ngezikhathi zonke bengifundisa esinagogeni* nasethempelini, lapho abaJuda bonke bebuthana khona, angikhulumanga lutho ngasese. Ubuzelani kimi na? Buza kulabo abezwile lokho engakukhuluma kubo; bheka, bona bayakwazi engakushoyo.” Esasho lokho, esinye isikhonzi esasimi khona sammukula uJesu, sathi: “Uphendula umpristi omkhulu kanjalo na?” UJesu wasiphendula wathi: “Uma ngikhulume kabi, fakaza ngalobo bubi; kodwa uma kukuhle, ungishayelani na?” U-Anase wamthumela eboshiwe kuKayafase umpristi omkhulu.