Johane 16:25-33

Johane 16:25-33 CZB24

“Lezizinto ngizikhulume kini ngemifanekiso; Ngalolosuku lizacela ebizweni lami; Ngokuba uBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi mina ngaphuma kuNkulunkulu. Ngaphuma kuBaba, futhi ngizile emhlabeni; Abafundi bakhe bathi kuye: “Bheka, manje usukhuluma ngokusobala, awusakhulumi mfanekiso. Kalokhu siyazi ukuthi wazi zonke izinto, futhi awudingi ukuba umuntu akubuze; ngalokho siyakholwa ukuthi waphuma kuNkulunkulu. UJesu wabaphendula wathi: “Niyakholwa manje na? Bhekani, isikhathi siyeza, yebo, sesifikile, sokuba nihlakazeke, kube yilowo nalowo aye kowabo, ningishiye ngedwa; nokho angingedwa, ngokuba uBaba unami. Lezizinto ngizikhulume kini ukuze libe lokuthula kimi. Ezweni niyakuba nosizi, kepha yimani isibindi; mina ngilinqobile izwe.

Funda Johane 16