NgokukaJohane 16:25-33
NgokukaJohane 16:25-33 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
“Lezizinto ngizikhulume kini ngemifanekiso; Ngalolosuku lizacela ebizweni lami; Ngokuba uBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi mina ngaphuma kuNkulunkulu. Ngaphuma kuBaba, futhi ngizile emhlabeni; Abafundi bakhe bathi kuye: “Bheka, manje usukhuluma ngokusobala, awusakhulumi mfanekiso. Kalokhu siyazi ukuthi wazi zonke izinto, futhi awudingi ukuba umuntu akubuze; ngalokho siyakholwa ukuthi waphuma kuNkulunkulu. UJesu wabaphendula wathi: “Niyakholwa manje na? Bhekani, isikhathi siyeza, yebo, sesifikile, sokuba nihlakazeke, kube yilowo nalowo aye kowabo, ningishiye ngedwa; nokho angingedwa, ngokuba uBaba unami. Lezizinto ngizikhulume kini ukuze libe lokuthula kimi. Ezweni niyakuba nosizi, kepha yimani isibindi; mina ngilinqobile izwe.
NgokukaJohane 16:25-33 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Lokho ngikukhulume kini ngemifanekiso, kodwa siyeza isikhathi lapho ngingasayukukhuluma ngemifanekiso, kodwa ngiyakukhuluma ngoBaba ngokusobala. Ngalolo lusuku niyakucela egameni lami; angisho kini ukuthi ngiyakunicelela kuBaba. Ngokuba uBaba luqobo uyanithanda, lokhu nina ningithandile, nakholwa ukuthi Mina ngavela kuNkulunkulu. Ngavela kuBaba, ngeza emhlabeni; manje ngiyawushiya umhlaba, ngibuyela kuBaba.” Abafundi bakhe bathi kuye: “Manje-ke usukubeka ngembaba lokhu okushoyo, awusakhulumi ngemifanekeliso. Siyazi ukuthi wazi konke, awudingi ukuba umuntu akubuze, yingakho sikholwa ukuthi wavela kuNkulunkulu.” UJesu waphendula, wathi: “Seniyakholwa manje na? Isikhathi siyeza, yebo, sesifikile, sokuba nihlakazeke, yilowo nalowo aye kokwakhe, ningishiye ngedwa, nokho angingedwa, ngokuba uBaba unami. “Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula ngami. Emhlabeni niyakuba lusizi, kodwa yimani isibindi, Mina ngiwunqobile umhlaba.”
NgokukaJohane 16:25-33 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ngikhulume lokho kini ngemifanekiso; isikhathi siyeza, lapho ngingasayikukhuluma ngemifanekiso; kodwa ngiyakunitshela ngoBaba ngokusobala. Ngalelo langa niyakucela egameni lami; angisho kini ukuthi ngiyakunicelela mina kuBaba; ngokuba uBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi mina ngavela kuNkulunkulu. Ngavela kuBaba, ngeza ezweni; ngiyalishiya futhi izwe, ngibuyela kuBaba.” Abafundi bakhe bathi kuye: “Bheka, manje usukhuluma ngokusobala, awusakhulumi mfanekiso. Kalokhu siyazi ukuthi wazi konke, awudingi ukuba umuntu akubuze; ngalokho siyakholwa ukuba wavela kuNkulunkulu.” UJesu waphendula wathi: “Seniyakholwa manje na? Bhekani, isikhathi siyeza, yebo, sesifikile sokuba nihlakazeke, yilowo nalowo aye kokwakhe, ningishiye ngingedwa; nokho angingedwa, lokhu uBaba unami. “Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.”
NgokukaJohane 16:25-33 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)