Johane 16:16-24

Johane 16:16-24 CZB24

Kuseyisikhashana nize ningangiboni, kubuye kube yisikhashana ningibone, ngokuba ngiya kuBaba. Khona abanye kubafundi bakhe bakhuluma bodwa, bathi: “Kuyini lokhu akusho kithi ukuthi: ‘Kuseyisikhashana nize ningangiboni, kubuye kube yisikhashana ningibone? Bathi-ke: “Kuyini lokhu akushoyo ukuthi: ‘Okuyisikhashana; asazi ukuthi uthini. UJesu wayesekwazi ukuthi babethanda ukumbuza, wathi kubo: “Niyabuzana ngokuthi ngithe: ‘Kuseyisikhashana nize ningangiboni, kubuye kube yisikhashana ningibone, na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile, kepha izwe liyakujabula; Owesifazana nxa ebeletha ulobuhlungu, ngoba ihola lakhe selifikile; Nani-ke nilusizi manje, kepha ngobuye nginibone, inhliziyo yenu ijabule; intokozo yenu akakho oniphuca yona. Ngalolosuku kaliyikungibuza lutho. Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini: Noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona. Kuze kube manje anikaceli lutho egameni lami; celani, nizakwamukeliswa, ukuze ukuthokoza kwenu kugcwale.

Funda Johane 16