NgokukaJohane 16:16-24

NgokukaJohane 16:16-24 ZUL20

“Kusazokuba yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana ningibone.” Abanye babafundi bakhe babuzana bodwa, bathi: “Ngabe uqonde ukuthini uma ethi kithi: ‘Kusazokuba yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana, ningibone,’ nokuthi: ‘Ngokuba ngiya kuBaba’ na?” Bathi: “Uchaza ukuthini uma ethi: ‘Yisikhashana’ na? Asazi ukuthi uthini.” UJesu wayazi ukuthi bebefuna ukumbuza, wayesethi kubo: “Ngabe nibuzana ngalokho engikushilo yini, ngathi: ‘Kusezakuba yisikhashana, ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana, ningibone’ na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: niyakukhala nilile nina, kepha izwe liyakujabula; niyakuba lusizi nina, kodwa usizi lwenu luyakuba yintokozo. Owesifazane nxa esabeletha, uba lusizi, ngokuba sesifikile isikhathi sakhe; kepha uma esembelethile umntwana, akabe esazikhumbula izinhlungu ngenxa yenjabulo yokufika komntwana emhlabeni. Nani-ke nilusizi manje, kodwa ngiyakubuye nginibone, inhliziyo yenu ithokoze; futhi akekho onganephuca intokozo yenu. Ngalolo suku aniyukungibuza lutho. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: noma yini eniyakuyicela kuBaba egameni lami, uyakuninika yona. Kuze kube manje anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakuphiwa ukuze intokozo yenu igcwale.