Johane 14:7-15

Johane 14:7-15 CZB24

Uma beningazile mina, beniyakumazi noBaba; kusukela manje niyamazi, nimbonile. UFiliphu wathi kuye: Nkosi, sikhombise uYihlo, kusanele. UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu na? ongibonile mina umbonile uBaba; usho kanjani-ke ukuthi: Sibonise uYihlo na? Kawukholwa yini ukuthi mina ngikuBaba, loBaba ukimi? amazwi engiwakhuluma kini angiwakhulumi ngokwami, kepha uBaba ohlezi kimi, nguyena owenza imisebenzi. Kholwani yimi ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi; uma kungenjalo, kholwani yimi ngenxa yayo yona imisebenzi. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza; nemikhulu kunale uyakuyenza; ngoba mina ngiya kuBaba. Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni. Uma nicela utho egameni lami, ngolwenza. Uma ningithanda, gcinani imiyalo yami.

Funda Johane 14