NgokukaJohane 14:7-15

NgokukaJohane 14:7-15 ZUL20

Ukuba beningazi Mina, beniyakumazi noBaba; kodwa niyamazi manje, futhi nimbonile.” UFiliphu wathi kuye: “Nkosi, sikhombise uYihlo, lokho kuyakwenela kithi.” UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka ngihleli nani, namanje awukangazi, Filiphuna? Ongibonile Mina, umbonile uBaba. Pho usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo’ na? Awukholwa yini ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi na? Amazwi engiwakhulumayo Mina kini, angiwakhulumi ngokwami; kodwa uBaba ohleli kimi wenza imisebenzi yakhe. Kholwani ukuthi Mina ngikuBaba, noBaba ukimi. Uma kungenjalo, kholwani ngenxa yemisebenzi uqobo lwayo. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo Mina, naye uyakuyenza; uyakwenza nemikhulu kunale, ngokuba Mina ngiya kuBaba. Noma yini eniyakuyicela egameni lami, ngiyakuyenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni. Uma nicela utho kimi egameni lami, ngiyakulwenza. “Uma ningithanda, niyakuyigcina imiyalo yami.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 14:7-15