Johane 14:11-17

Johane 14:11-17 CZB24

Kholwani yimi ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi; uma kungenjalo, kholwani yimi ngenxa yayo yona imisebenzi. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza; nemikhulu kunale uyakuyenza; ngoba mina ngiya kuBaba. Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni. Uma nicela utho egameni lami, ngolwenza. Uma ningithanda, gcinani imiyalo yami. Ngiyakucela kuBaba, aninike omunye uMduduzi, ukuze ahlale kini phakade; UMoya weqiniso; izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi, kepha nina niyamazi; ngokuba uhlala nani, futhi ukini.

Funda Johane 14

Video for Johane 14:11-17

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Johane 14:11-17