NgokukaJohane 14:11-17

NgokukaJohane 14:11-17 ZUL59

Kholwani yimi ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi; uma kungenjalo, kholwani ngenxa yale misebenzi. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza, nemikhulu kunale uyakuyenza; ngokuba mina ngiya kuBaba. Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni. Uma nicela utho kimi egameni lami, ngolwenza. “Uma ningithanda, niyakugcina imiyalo yami. Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade, uMoya weqiniso, izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi; nina niyamazi yena, ngokuba uhlala nani, uyakuba kini.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 14:11-17

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo