Johane 11:4-11

Johane 11:4-11 CZB24

UJesu esekuzwile wathi: Lokhu kugula akusikho okokufa, kodwa kungokwenkazimulo kaNkulunkulu, ukuze iNdodana kaNkulunkulu ikhazinyuliswe ngakho. Kepha uJesu wayebathanda oMarta nodadewabo noLazaru. Khona esezwile ukuthi uyagula, wahlala izinsuku ezimbili kuleyo ndawo ayekuyo. Khona emva kwalokho wathi kubafundi bakhe: “Asibuye siye eJudiya. Abafundi bakhe bathi kuye: Rabi, abaJuda sebefuna ukukukhanda ngamatshe; futhi uya khona futhi? UJesu waphendula wathi: Kawakho yini amahola alitshumi lambili emini? Uma umuntu ehamba emini, akakhubeki, ngokuba ubona ukukhanya kwaleli zwe. Kepha uma umuntu ehamba ebusuku, uyakhubeka, ngokuba akukho ukukhanya kuye. Washo lokho, emva kwalokho wathi kubo: “Umngane wethu uLazaru ulele; kodwa ngiyahamba ukuze ngimvuse ebuthongweni.

Funda Johane 11