NgokukaJohane 11:4-11
NgokukaJohane 11:4-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJesu ekuzwa lokho, wathi: “Lokhu kugula akukhona okokufa, kodwa ukuze kudunyiswe uNkulunkulu, neNdodana kaNkulunkulu idunyiswe ngakho.” UJesu wayebathanda oMartha nodadewabo noLazaru. Ngakho-ke lapho esezwa ukuthi uLazaru uyagula, wahlala izinsuku ezimbili kuleyo ndawo ayekuyo. Emva kwalokho wathi kubafundi bakhe: “Masihambe, siphindele eJudiya.” Abafundi bathi kuye: “Rabi, akukapholi maseko abaJuda befuna ukukukhanda ngamatshe, usuya khona futhi na?” UJesu waphendula, wathi: “Imini ayinawo yini amahora ali-12 na? Uma umuntu ehamba emini akakhubeki, ngokuba ubona ukukhanya kwaleli lizwe. Kepha uma ehamba ebusuku uyakhubeka, ngokuba kungekho ukukhanya kuye.” Wakukhuluma lokho, qede wathi kubo: “ULazaru, umngani wethu ulele, kodwa ngiyahamba ukuze ngimvuse ebuthongweni.”
NgokukaJohane 11:4-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJesu esekuzwile wathi: Lokhu kugula akusikho okokufa, kodwa kungokwenkazimulo kaNkulunkulu, ukuze iNdodana kaNkulunkulu ikhazinyuliswe ngakho. Kepha uJesu wayebathanda oMarta nodadewabo noLazaru. Khona esezwile ukuthi uyagula, wahlala izinsuku ezimbili kuleyo ndawo ayekuyo. Khona emva kwalokho wathi kubafundi bakhe: “Asibuye siye eJudiya. Abafundi bakhe bathi kuye: Rabi, abaJuda sebefuna ukukukhanda ngamatshe; futhi uya khona futhi? UJesu waphendula wathi: Kawakho yini amahola alitshumi lambili emini? Uma umuntu ehamba emini, akakhubeki, ngokuba ubona ukukhanya kwaleli zwe. Kepha uma umuntu ehamba ebusuku, uyakhubeka, ngokuba akukho ukukhanya kuye. Washo lokho, emva kwalokho wathi kubo: “Umngane wethu uLazaru ulele; kodwa ngiyahamba ukuze ngimvuse ebuthongweni.
NgokukaJohane 11:4-11 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaJohane 11:4-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJesu esekuzwile lokho wathi: “Lokhu kugula akusikho okokufa, kodwa kungenxa yenkazimulo kaNkulunkulu ukuba iNdodana kaNkulunkulu ikhazimuliswe ngakho.” Kepha uJesu wayebathanda oMarta nodadewabo noLazaru. Ngakho-ke kwathi ezwa ukuthi uyagula, wahlala futhi izinsuku ezimbili endaweni abe kuyo. Emva kwalokho wathi kubafundi bakhe: “Asibuye, siye eJudiya.” Abafundi bathi kuye: “Rabi, abaJuda basand' ukufuna ukukukhanda ngamatshe; usaya futhi khona na?” UJesu waphendula wathi: “Awakho yini amahora ayishumi nambili emini na? Uma umuntu ehamba emini, akakhubeki, ngokuba ubona ukukhanya kwaleli zwe. Kodwa uma umuntu ehamba ebusuku, uyakhubeka, ngokuba kungekho ukukhanya kuye.” Wakhuluma lokho; emva kwalokho wathi kubo: “ULazaru umhlobo wethu ulele, kepha ngiyahamba ukuba ngimvuse ebuthongweni.”