Johane 1:10-18

Johane 1:10-18 CZB24

Wayekhona ezweni, izwe lenziwa ngaye, kepha izwe alimazanga. Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga. Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe; Abazalwa kungengagazi, noma ngentando yenyama, noma ngentando yomuntu, kodwa nguNkulunkulu. ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso. UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Nguyena lo ebengisho ngaye ukuthi: ‘Lowo ozayo emva kwami mkhulu kunami, ngokuba wayekhona kuqala kunami. Ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa. Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu. Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.

Funda Johane 1

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo