NgokukaJohane 1:10-18
NgokukaJohane 1:10-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wayekhona ezweni, izwe lavela ngaye; kepha izwe alimazanga. Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga. Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe, abangazalwanga ngagazi, nantando yenyama, nantando yendoda, kodwa bazalwa nguNkulunkulu. ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso. UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Nguyena lo ebengisho ngaye ukuthi: ‘Lowo ozayo emva kwami uvelile ngaphambi kwami, ngokuba wayekhona kuqala kunami.’ ” Ngokuba ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa. Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu. Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.
NgokukaJohane 1:10-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Wayekhona ezweni, izwe lenziwa ngaye, kepha izwe alimazanga. Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga. Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe; Abazalwa kungengagazi, noma ngentando yenyama, noma ngentando yomuntu, kodwa nguNkulunkulu. ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso. UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Nguyena lo ebengisho ngaye ukuthi: ‘Lowo ozayo emva kwami mkhulu kunami, ngokuba wayekhona kuqala kunami. Ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa. Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu. Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.
NgokukaJohane 1:10-18 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

NgokukaJohane 1:10-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
ULizwi wayekhona ezweni. Izwe lavela ngaye, kodwa izwe alimazanga. Weza kokwakhe, kodwa abakhe abamemukelanga. Kepha bonke abamemukelayo, labo abakholwa egameni lakhe, wabapha igunya lokuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, abangazalwanga ngagazi, ngandlela yemvelo noma ngantando yendoda, kodwa bazalwa nguNkulunkulu. ULizwi waba ngumuntu, wahlala phakathi kwethu. Sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo yozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso. UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Lona nguye engikhulume ngaye ngathi: ‘Emva kwami kuza lowo omkhulu kunami, ngokuba wayekhona ngaphambi kwami.’ ” Ngokuba ekugcwaleni kwakhe, sonke samukele umusa phezu komusa. Umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kweza ngoJesu Khristu. Akekho osewake wabona uNkulunkulu; nguNkulunkulu, iNdodana ezelwe yodwa, esesifubeni sikaYise embonakalisile.