Johane 1:1-17

Johane 1:1-17 CZB24

Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. Yena lowo wayekhona ekuqaleni kuNkulunkulu. Zonke izinto zenziwa nguye; ngaphandle kwakhe akubangakho lutho olwenziwe. Kuye kwakukhona ukuphila; futhi ukuphila kwakungukukhanya kwabantu. Ukukhanya kukhanya ebumnyameni; ubumnyama abukwamukelanga. Kwavela umuntu ethunyiwe nguNkulunkulu, igama lakhe linguJohane. Yena wezela ubufakazi, ukuze afakaze ngokukhanya, ukuze bonke bakholwe ngaye. Yena wayengesikho ukukhanya, kepha wayengofakazi bokukhanya. Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni. Wayekhona ezweni, izwe lenziwa ngaye, kepha izwe alimazanga. Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga. Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe; Abazalwa kungengagazi, noma ngentando yenyama, noma ngentando yomuntu, kodwa nguNkulunkulu. ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso. UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Nguyena lo ebengisho ngaye ukuthi: ‘Lowo ozayo emva kwami mkhulu kunami, ngokuba wayekhona kuqala kunami. Ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa. Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.

Funda Johane 1

Verse Images for Johane 1:1-17

Johane 1:1-17 - Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu.
Yena lowo wayekhona ekuqaleni kuNkulunkulu.
Zonke izinto zenziwa nguye; ngaphandle kwakhe akubangakho lutho olwenziwe.
Kuye kwakukhona ukuphila; futhi ukuphila kwakungukukhanya kwabantu.
Ukukhanya kukhanya ebumnyameni; ubumnyama abukwamukelanga.
Kwavela umuntu ethunyiwe nguNkulunkulu, igama lakhe linguJohane.
Yena wezela ubufakazi, ukuze afakaze ngokukhanya, ukuze bonke bakholwe ngaye.
Yena wayengesikho ukukhanya, kepha wayengofakazi bokukhanya.
Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni.
Wayekhona ezweni, izwe lenziwa ngaye, kepha izwe alimazanga.
Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga.
Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe;
Abazalwa kungengagazi, noma ngentando yenyama, noma ngentando yomuntu, kodwa nguNkulunkulu.
ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Nguyena lo ebengisho ngaye ukuthi: ‘Lowo ozayo emva kwami mkhulu kunami, ngokuba wayekhona kuqala kunami.
Ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa.
Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.