NgokukaJohane 1:1-17

NgokukaJohane 1:1-17 ZUL59

Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. Yena lowo wayekhona ekuqaleni kuNkulunkulu. Konke kwavela ngaye; ngaphandle kwakhe akuvelanga lutho kukho konke okuvelileyo. Ukuphila kwakukuye, ukuphila kwakungukukhanya kwabantu; ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwamukelanga. Kwavela umuntu ethunyiwe nguNkulunkulu, igama lakhe linguJohane. Lowo wezela ubufakazi ukuba afakaze ngokukhanya, ukuze bonke bakholwe ngaye. Yena wayengesikho ukukhanya, kepha wayengozofakaza ngokukhanya. Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni. Wayekhona ezweni, izwe lavela ngaye; kepha izwe alimazanga. Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga. Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe, abangazalwanga ngagazi, nantando yenyama, nantando yendoda, kodwa bazalwa nguNkulunkulu. ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso. UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Nguyena lo ebengisho ngaye ukuthi: ‘Lowo ozayo emva kwami uvelile ngaphambi kwami, ngokuba wayekhona kuqala kunami.’ ” Ngokuba ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa. Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo