UJeremiya 29:1-14

UJeremiya 29:1-14 CZB24

Lawa angamazwi encwadi umprofethi uJeremiya ayithumela eJerusalema ensalini yamalunga athunjwa, nakubapristi, nakubaprofethi, nakubantu bonke uNebukadinesari abathumba eJerusalema eBhabhiloni; (Ngemva kwalokho inkosi uJekoniya, nendlovukazi, nabathenwa, nezikhulu zakwaJuda nezaseJerusalema, nababazi nabakhandi baphuma eJerusalema;) ngesandla sika-Elasa, indodana kaShafani, noGemariya indodana kaHilikiya, uSedekiya, inkosi yakwaJuda, abathumela eBabele kuNebukadinesari, inkosi yaseBabele, wathi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, kubo bonke abathunjwa engibathumbile eJerusalema, ngabayisa eBabele; Yakhani izindlu, nihlale kuzo; tshalani izivande, nidle izithelo zazo; Thathani abafazi, nizale amadodana namadodakazi; nithathele amadodana enu abafazi, ninike amadodakazi enu amadoda, azale amadodana namadodakazi; ukuze nande khona, ninganciphi. Nifune ukuthula komuzi enganiyisa kuwo njengabathunjwa, niwuthandazele kuJehova; ngoba ekuthuleni kwalo lizakuba lokuthula. Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Maningakhohliswa abaprofethi benu nabathakathi benu abaphakathi kwenu, ningawalaleli amaphupho enu eniwaphuphayo. Ngokuba baprofetha amanga kini ngegama lami; angibathumanga, usho uJehova. Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Emva kokuba iminyaka engamashumi ayisikhombisa isiphelile eBabele, ngiyakunibheka, ngiligcwalise izwi lami elihle ngokunibuyisela kule ndawo. Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabangayo ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula, kungabi ngeyokubi ukuba ngininike ithemba. Khona niyakungibiza, nihambe, nikhuleke kimi, ngiyakunilalela; Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifuna ngenhliziyo yenu yonke. Ngiyakufunyanwa kini, usho uJehova; ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwenu, nginibuthe ezizweni zonke nasezindaweni zonke lapho enginixoshele khona,” usho uJehova; ngizalibuyisela endaweni lapho enganithumbela khona.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo